Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.”
UNehemiya 6:9 - IsiZulu 2020 Ngokuba bonke babefuna ukusethusa, bethi: “Bazodikibala bayeke ukusebenza.” Ngakhuleka ngathi: “Nkulunkulu, qinisa izandla zami.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba bonke babesethusa bethi: “Izandla zabo ziyakudangala emsebenzini ukuba ungenziwa.” Ngase ngikhuleka ngathi: “Kepha manje, Nkosi, qinisa izandla zami.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba basethuse sonke, bathi: Izandla zabo zizadangala emsebenzini, ukuze ungenziwa. Qinisa izandla zami manje, O Nkulunkulu. |
Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.”
Bamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda, kubantu baseJerusalema ababesogangeni ukuba babethuse, babesabise, ukuze bawuthathe umuzi.
Omakhelwane babo babasiza ngezinto zesiliva nezegolide nangezinye izinto, nemfuyo nezinto eziyigugu, ngale nje komnikelo wesihle ababewunikelela ithempeli.
“Nkulunkulu wami, khumbula okwenziwe nguThobiya noSanibhalathi, ungiphindiselele kubo nakumphrofethikazi uNowadiya, nakwabanye abaphrofethi abazama ukungesabisa.”
Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele, uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha amandla nezikhwepha. Makadunyiswe uNkulunkulu.
Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Izikhulu zathi enkosini: “Lo muntu makabulawe, ngoba uthena amabutho asasele kulo muzi nabantu bonke amandla, ngokukhuluma kubo lawa mazwi anje, ngokuba lo muntu akafuni inhlalakahle yalaba bantu, kodwa okubi kuphela.”
Ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo, kepha ngiyakuzephula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwayo njengokububula komuntu olinyaziweyo.
Ngiyakubaqinisa kuSimakade; bahambe egameni lakhe,” kusho uSimakade Wamabandla.
Kodwa yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami ayapheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho-ke kunalokho ngiyakujabulela ukuzigabisa ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKhristu ahlale phezu kwami.
ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe.
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.
UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.