Saqhubeka kanjalo nokusebenza, enye ingxenye ihlome ngemikhonto ilungele ukulwa, kusukela entathakusa kuze kuqhakaze izinkanyezi.
UNehemiya 4:22 - IsiZulu 2020 Ngaleso sikhathi ngabuye ngayala bonke abantu, ngathi: “Yilowo nalowo nenceku yakhe mabahlale phakathi eJerusalema ukuze basiqaphe ebusuku, basebenze emini.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kanjalo ngaleso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo kahlale nenceku yakhe phakathi kweJerusalema ukuba zibe ngabalindi bethu ebusuku, zisebenze emini.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaso leso sikhathi ngathi kubantu: “Yilowo nalowo makalale nenceku yakhe eJerusalema, ukuze zibe abalindi bethu ebusuku, basebenze emini. |
Saqhubeka kanjalo nokusebenza, enye ingxenye ihlome ngemikhonto ilungele ukulwa, kusukela entathakusa kuze kuqhakaze izinkanyezi.
Mina-ke, abafowethu, izinceku zami namadoda ayengabaqaphi ayengilandela, asizange sizikhumule izimpahla zethu; yilowo nalowo wayephethe isikhali ngesandla sakhe.