Ngase ngimisa abantu ngokwemindeni yabo, ngezansi ezindaweni ezisemuva kogange nakwezisobala, benezinkemba, imikhonto neminsalo yabo.
UNehemiya 4:18 - IsiZulu 2020 Bonke abakhayo babegaxe izinkemba ezinqulwini zabo, beqhubeka bakha. Indoda eyayihlaba umkhosi ngecilongo, yayiseduze kwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nabakhi bonke babe nenkemba ibhincwe ezinkalweni zabo, bakha kanjalo. Owabetha icilongo wayengaseceleni kwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Kubakhi, yilowo nalowo wabhinca inkemba yakhe okhalweni lwakhe, bakha kanjalo. Futhi owayeshaya icilongo wayenami. |
Ngase ngimisa abantu ngokwemindeni yabo, ngezansi ezindaweni ezisemuva kogange nakwezisobala, benezinkemba, imikhonto neminsalo yabo.
ababakha kabusha ugange. Ababethwala imithwalo, bathwala imithwalo yabo ngesandla esisodwa ngesinye bephethe izikhali.
Ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu: “Umsebenzi mkhulu, wendlalekile, thina siqhelelene kakhulu ogangeni.
kuyothi lapho yena esebona kwehlela inkemba phezu kwezwe, ashaye icilongo, axwayise abantu.
Kuyothi lapho niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinihlaselayo, nihlabe umkhosi ngamacilongo. USimakade uNkulunkulu wenu uyonikhumbula, anisindise ezitheni zenu.