Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”
UNehemiya 4:15 - IsiZulu 2020 Izitha zethu zezwa ukuthi sesizwile ngozungu lwazo, nokuthi uNkulunkulu uliphunzisile icebo lazo. Sonke sabuyela ogangeni, kwayilowo nalowo emsebenzini wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi izitha zethu sezizwile ukuthi kwazeke kithi nokuthi uNkulunkulu wayeshafisile icebo labo, sabuyela sonke ogangeni, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi lapho izitha zethu zizwa ukuthi kwaziwa yithi nokuthi uNkulunkulu walichitha icebo lazo, sabuyela sonke odongeni, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe. |
Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”
U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.
Kusukela ngalolo lusuku enye ingxenye yezinceku zami yakha, enye yaphatha imikhonto, amahawu, iminsalo nezivikelo zesifuba. Abaholi babeseka abendlu yakwaJuda,
Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.
oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye; obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;
Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha; bophani izwi libe linye, kodwa alinakuphumelela, ngokuba uNkulunkulu unathi.
Kufana nomuntu owahamba waya kwelinye izwe, washiya indlu yakhe. Wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayeseyala umlindisango ukuba alinde.
Nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, ninake izindaba zenu, nisebenze ngezandla zenu, njengalokhu saniyala,