AbaJuda ababakhelene nazo, bafika basixwayisa kaninginingi, bethi: “Zizofika zivela ezindaweni zonke ezihlala kuzo zizomelana nathi.”
UNehemiya 4:13 - IsiZulu 2020 Ngase ngimisa abantu ngokwemindeni yabo, ngezansi ezindaweni ezisemuva kogange nakwezisobala, benezinkemba, imikhonto neminsalo yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngimisa ngenzansi ezindaweni ezisemva kogange nakwezisobala abantu ngemindeni yabo, benezinkemba zabo, nemikhonto yabo, neminsalo yabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngimisa ezindaweni eziphansi emva kodonga nasezindaweni eziphakemeyo, ngamisa abantu ngezizukulwane zabo ngenkemba yabo, nemikhonto yabo, neminsalo yabo. |
AbaJuda ababakhelene nazo, bafika basixwayisa kaninginingi, bethi: “Zizofika zivela ezindaweni zonke ezihlala kuzo zizomelana nathi.”
Ngathumela izigijimi kubo, ngathi: “Ngimatasatasa ngomsebenzi omkhulu, ngeke ngehle ngize lapho kini. Ngizowuyekelani umsebenzi engiwenzayo, ngehle ngize lapho kini na?”
Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.
“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.
Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.