Abahlala kuqala emizini eyifa labo kwakungu-Israyeli, abaphristi, abaLevi namaNethini.
UNehemiya 3:26 - IsiZulu 2020 nezisebenzi ezazihlala ethempelini e-Oferi, bakha kabusha ingxenye emalungana neSango Lamanzi, empumalanga yejika lombhoshongo. Lokhu kwakuseduze nengxenye yomuzi okwakuthiwa yi-Ofeli, lapho kwakuhlala khona amadoda ayesebenza ethempelini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE AmaNethini* ayehlezi e-Ofeli kwaze kwaba sendaweni malungana neSango Lamanzi ngasempumalanga nombhoshongo ophumeleleyo. Contemporary Zulu Bible 2024 AmaNethini ahlala e-Ofeli, kwaze kwaba maqondana neSango Lamanzi ngasempumalanga, nasembhoshongweni ophumela ngaphandle. |
Abahlala kuqala emizini eyifa labo kwakungu-Israyeli, abaphristi, abaLevi namaNethini.
Emveni kwalokho wakha ugange olwalungaphandle komuzi kaDavide entshonalanga yeGihoni, esigodini kwaze kwaba sekungeneni esangweni Lezinhlanzi. I-Ofeli walibiyela waliphakamisa kakhulu, wabeka izinduna zempi ezinamandla kuyo yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo.
Abanye abangagagulwanga ngamagama, abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, nabo bonke ababezehlukanisile nabezizwe, bazihlanganisa nomthetho kaNkulunkulu, nomkabo nabantwana babo, bonke ababenolwazi nokuqonda,
Izisebenzi zasethempelini ezazihlala e-Ofeli, nguZiha noGishipha yibona ababeziphethe.
NgaseSangweni Lomthombo, phambi kwabo, bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide, ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi, empumalanga.
Ingxenye elandelayo esuka malungana nombhoshongo omkhulu oqaphe ithempeli kuze kuyofika eduze kodonga oluseduze ne-Ofeli, yakhiwa ngamadoda aseThekhowa. Lokho kwase kuyingxenye yawo yesibili.
Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli.
Abantu base bephuma beyogawula amagatsha, yilowo nalowo wazakhela idokodo ophahleni lwendlu yakhe, emagcekeni abo, emagcekeni endlu kaNkulunkulu, naseshashalazini elingaphambi kweSango Lamanzi, nelingaphambi kweSango Lika-Efrayimi.
Wafunda kuyo ebheke ngaseshashalazini elalingaphambi kweSango Lamanzi. Waqala entathakusa kwaze kwaba semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nalabo abasebenokuqonda.
Inqaba iyosala dengwane, kukhale ibhungane emzini obunabantu abaningi. Igquma nombhoshongo kuyoba yimigede kuze kube phakade; kube yinjabulo yezimbongolo zasendle nedlelo lemihlambi,