UNehemiya 3:23 - IsiZulu 2020 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhenjamini noHashubhi, kwazise yayiphambi kwemizi yabo. Ingxenye elandelayo yakhiwa ngu-Azariya, indodana kaMahaseya, indodana ka-Ananiya, kwazise yayiphambi komuzi wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwabo kwalungisa oBenjamini noHashubi malungana nendlu yabo. Emva kwabo kwalungisa u-Azariya indodana kaMahaseya ka-Ananiya eceleni kwendlu yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwakhe kwalungisa uBenjamini noHasubi maqondana nendlu yabo. Ngemva kwakhe u-Azariya indodana kaMahaseya indodana ka-Ananiya wabuyela endlini yakhe. |
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguJedaya, indodana kaHarumafi, kwazise yayiseduze nomuzi wakhe. Elandelayo yakhiwa nguHathushi, indodona kaHashabhineya.
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhinuwi, indodana kaHenadadi, kusukela endlini ka-Azariya kuze kuyofika ejikeni logange.
U-Ezra, umbhali, wayemi phezu kwebhesituli yokhuni, yenzelwe lowo msebenzi. Eceleni ngakwesokunene sakhe kwakumi uMathathiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; ngakwesokhohlo sakhe kunguPhedaya, uMishayeli, uMalikhija, uHashumi, uHashibhadana, uZekhariya noMeshulami.
AbaLevi: uJeshuwa, uBhani, uSherebhiya, uJamini, u-Akhubhi, uShebhethayi, uHodiya, uMahaseya, uKhelitha, u-Azariya, uJozabhadi, uHanani noPhelaya, bachazela abantu umthetho; ngesikhathi abantu bemi endaweni yabo.