Indodana kaSawule yayinezinduna ezimbili zabahlaseli: enye kwakunguBhahana enye kunguRekhabhi. Babengamadodana kaRimoni waseBherothi, wozalo lukaBhenjamini ngokuba iBherothi indawo eyanikwa uBhenjamini.
UNehemiya 3:14 - IsiZulu 2020 ISango Lomquba lakhiwa kabusha nguMalikhija, indodana kaRekhabhi, umbusi wesifunda eBhethi Hakhiheremi. Wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ISango Lomquba lalungiswa nguMalikhiya, indodana kaRekabi, umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo. Contemporary Zulu Bible 2024 ISango Lomquba lalilungiswa nguMalikiya, indodana kaRekabi, umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo. |
Indodana kaSawule yayinezinduna ezimbili zabahlaseli: enye kwakunguBhahana enye kunguRekhabhi. Babengamadodana kaRimoni waseBherothi, wozalo lukaBhenjamini ngokuba iBherothi indawo eyanikwa uBhenjamini.
Wasuka lapho wafumana uJehonadaba, indodana kaRekhabhi ezomhlangabeza; wayesembingelela, wathi kuye: “Ngabe kulungile yini enhliziyweni yakho njengoba kunjalo kweyami na?” UJehonadaba wathi: “Yebo.” UJehu wayesethi: “Uma-ke kunjalo, letha isandla sakho.” Waselula isandla sakhe, wayesemgibelisa enqoleni yakhe.
Ngase nginyusela phezu kogange abaholi bakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezazibonga, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene sogange, saya ngaseSangweni Lomquba;
Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi, ngahamba ngaseningizimu yoMthombo KaDrago, ngaze ngayofika eSangweni Lomquba, ngazihlola izingange eJerusalema ezazibhidlizelwe phansi namasango alo ayeshiswe ngomlilo.
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguRefaya, indodana kaHuri, umbusi wengxenye yesifunda eJerusalema.
“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.