UNehemiya 3:10 - IsiZulu 2020 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguJedaya, indodana kaHarumafi, kwazise yayiseduze nomuzi wakhe. Elandelayo yakhiwa nguHathushi, indodona kaHashabhineya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eceleni kwakhe kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe. Eceleni kwakhe kwalungisa uHathushi indodana kaHashabineya. Contemporary Zulu Bible 2024 Eceleni kwabo kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe. Eceleni kwakhe uHathusi, indodana kaHasabinja, walulama. |
Ingxenye elandelayo noMbhoshongo Wohhavini kwakhiwa nguMalikhija, indodana kaHarimi noHashubhi, indodana kaPhahathi Mowabi.
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhenjamini noHashubhi, kwazise yayiphambi kwemizi yabo. Ingxenye elandelayo yakhiwa ngu-Azariya, indodana kaMahaseya, indodana ka-Ananiya, kwazise yayiphambi komuzi wakhe.
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguRefaya, indodana kaHuri, umbusi wengxenye yesifunda eJerusalema.
AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”