Indebe kaFaro ibisesandleni sami; ngawathatha amagilebhisi ngawakhamela endebeni kaFaro, ngase ngimnika esandleni uFaro.”
UNehemiya 2:1 - IsiZulu 2020 Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngenyanga kaNisani, ngomnyaka wamashumi amabili wenkosi u-Aritahishashita, kwakukhona iwayini phambi kwakhe, ngalithatha iwayini ngalinika inkosi. Manje angibanga lusizi phambi kwakhe ngaphambili. |
Indebe kaFaro ibisesandleni sami; ngawathatha amagilebhisi ngawakhamela endebeni kaFaro, ngase ngimnika esandleni uFaro.”
Wayibuyisela induna yabaphathindebe esikhundleni sayo, yabuye yanika uFaro indebe esandleni,
Sekubusa u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, uBhishilamu, uMithiredathi, uThabeheli nabo bonke ababebambisene nabo babhalela u-Arithahishashitha, inkosi yasePheresiya, incwadi ngesi-Aramayikhi, bayihumusha.
Emveni kwalokho, ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha ePheresiya, u-Ezra, indodana kaSeraya, ka-Azariya kaHilikiya,
U-Ezra waphuma eBhabhele ngonyaka wesikhombisa wokubusa kuka-Arithahishashitha, waya eJerusalema nabanye bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango nezisebenzi zasethempelini.
Nanka amazwi kaNehemiya, indodana kaHakaliya. Ngenyanga uKhisilevi, ngonyaka wama-20, ngiseShushani inhlokomuzi,
Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.
Ngenyanga yokuqala, inyanga uNisani, ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahasheveroshi, benza iPhure (unkatho) phambi kukaHamani, imihla ngemihla, nyanga zonke, ukuze abone ukuthi isu lakhe liyolunga, liphumelele ngayiphi inyanga nangaluphi usuku. Waqoka ukuba lokho kwenziwe ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.
“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.