Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 13:12 - IsiZulu 2020

Bonke abantu bakwaJuda base beqala futhi ukunikela okweshumi kokusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, kwafakwa ezinqolobaneni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kwamabele, nokwewayini, nokwamafutha engcebeni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kukakolweni, newayini, nokwamafutha endlini yengcebo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 13:12
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Watshela abantu abayizakhamuzi zaseJerusalema ukuba banikele ingxenye yabaphristi neyabaLevi, ukuze babambelele baqine emthethweni kaSimakade.


Lathi ukuba leli lizwi lisabalale, abantu bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lokusanhlamvu, olwewayini, olwamafutha, oloju, nolwazo zonke izithelo zamasimu nokweshumi kwakho konke, bakuletha okweshumi kwakho konke lokhu.


Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,


“ ‘Konke okweshumi kwezwe, okwembewu noma okwezithelo zemithi yezwe, kungokukaSimakade; kungcwele kuSimakade.


Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Umuntu angamqola yini uNkulunkulu na? Nokho niyangiqola. “Bese nibuza nithi: ‘Sikuqole kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.


“Uyonikela okweshumi kwezithelo zonke zembewu yakho, ezivela ensimini unyaka nonyaka.