Abanye abahlabeleli babeyizinhloko zezindlu zoyise zabaLevi, besemakamelweni, bekhululiwe kweminye imisebenzi, ngokuba babesemsebenzini imini nobusuku.
UNehemiya 12:8 - IsiZulu 2020 AbaLevi: uJeshuwa, uBhinuwi, uKadimiyeli, uSherebhiya, uJuda, uMathaniya owayengamele amahubo okudumisa, nabangani bakhe, IBHAYIBHELI ELINGCWELE AmaLevi: ngoJeshuwa, noBinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya owayephethe ukubonga, yena nabafowabo, Contemporary Zulu Bible 2024 AmaLevi: ngoJeshuwa, noBhinuwi, noKadimiyeli, noSherebiya, noJuda, noMathaniya, ababephethe ukubonga, yena nabafowabo. |
Abanye abahlabeleli babeyizinhloko zezindlu zoyise zabaLevi, besemakamelweni, bekhululiwe kweminye imisebenzi, ngokuba babesemsebenzini imini nobusuku.
Abozalo lwabaLevi: olukaJeshuwa noKhadimiyeli, amadodana kaHodaviya, babengama-74.
UJeshuwa, indodana kaJozadaki, nabanye abaphristi noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, balakha kabusha i-althare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze kunikelwe phezu kwalo iminikelo yokushiswa, njengoba kulotshiwe emthethweni kaMose, umuntu kaNkulunkulu.
noMathaniya kaMikha, kaZabhidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBhakibhukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abhida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.
Umphathi wabaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBhani, kaHashabhiya, kaMathaniya, kaMikha wabozalo luka-Asafa, abaculi, ephethe umsebenzi wendlu kaNkulunkulu.
Izinhloko zabaLevi nazi: uHashabhiya, uSherebhiya noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo bebhekene nabo bedumisa, bebonga njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba sibhekene nesigaba.
uSalu, u-Amoki, uHilikiya noJedaya. Labo babeyizinhloko zabaphristi nezabafowabo, emihleni kaJeshuwa.
AbaLevi: abozalo lukaJeshuwa, ozalweni lukaKhadimiyeli, emndenini kaHodaviya, babengama-74.
Kwase kuma endaweni ephakeme yabaLevi; uJeshuwa, uBhani, uKadimiyeli, uShabhaniya, uBhuni, uSherebhiya, uBhani noKhenani. Bamemeza ngezwi elikhulu kuSimakade uNkulunkulu wabo.