Bayibiza inkosi, kwase kuphuma u-Eliyakimi, indodana kaHilikiya, owayengamele isigodlo, uShebhina, umbhali, noJowa, indodana ka-Asafa, umqophi.
UNehemiya 12:7 - IsiZulu 2020 uSalu, u-Amoki, uHilikiya noJedaya. Labo babeyizinhloko zabaphristi nezabafowabo, emihleni kaJeshuwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noSalu, no-Amoki, noHilikiya, noJedaya. Labo babe yizinhloko zabapristi nezabafowabo emihleni kaJeshuwa. Contemporary Zulu Bible 2024 uShalu, u-Amoki, uHilikiya, uJedaya. Laba babengabapristi abakhulu nabafowabo ezinsukwini zikaJesu. |
Bayibiza inkosi, kwase kuphuma u-Eliyakimi, indodana kaHilikiya, owayengamele isigodlo, uShebhina, umbhali, noJowa, indodana ka-Asafa, umqophi.
UJeshuwa, indodana kaJozadaki, nabanye abaphristi noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, balakha kabusha i-althare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze kunikelwe phezu kwalo iminikelo yokushiswa, njengoba kulotshiwe emthethweni kaMose, umuntu kaNkulunkulu.
Nampa abaphristi nabaLevi ababuya noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa: uSeraya, uJeremiya, u-Ezra,
AbaLevi: uJeshuwa, uBhinuwi, uKadimiyeli, uSherebhiya, uJuda, uMathaniya owayengamele amahubo okudumisa, nabangani bakhe,
Ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, lathi:
Wayesengikhombisa uJoshuwa umphristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaSimakade, noSathane wayemi ngakwesokunene sakhe emmangalela.