UNehemiya 10:9 - IsiZulu 2020 AbaLevi: uJeshuwa, indodana ka-Azaniya, noBhinuwi wamadodana kaHenadadi, noKhadimiyeli, IBHAYIBHELI ELINGCWELE AmaLevi: uJeshuwa indodana ka-Azaniya, noBinuwi wamadodana kaHenadadi, noKadimiyeli, Contemporary Zulu Bible 2024 AmaLevi: noJeshuwa, indodana ka-Asaniya, noBinuwi emadodaneni kaHenadadi, noKadimiyeli; |
Izinhloko zabaLevi nazi: uHashabhiya, uSherebhiya noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo bebhekene nabo bedumisa, bebonga njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba sibhekene nesigaba.
AbaLevi: uJeshuwa, uBhinuwi, uKadimiyeli, uSherebhiya, uJuda, uMathaniya owayengamele amahubo okudumisa, nabangani bakhe,
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhinuwi, indodana kaHenadadi, kusukela endlini ka-Azariya kuze kuyofika ejikeni logange.
AbaLevi: abozalo lukaJeshuwa, ozalweni lukaKhadimiyeli, emndenini kaHodaviya, babengama-74.
AbaLevi: uJeshuwa, uBhani, uSherebhiya, uJamini, u-Akhubhi, uShebhethayi, uHodiya, uMahaseya, uKhelitha, u-Azariya, uJozabhadi, uHanani noPhelaya, bachazela abantu umthetho; ngesikhathi abantu bemi endaweni yabo.
Kwase kuma endaweni ephakeme yabaLevi; uJeshuwa, uBhani, uKadimiyeli, uShabhaniya, uBhuni, uSherebhiya, uBhani noKhenani. Bamemeza ngezwi elikhulu kuSimakade uNkulunkulu wabo.