wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,
UNehemiya 1:5 - IsiZulu 2020 Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho, Contemporary Zulu Bible 2024 wathi: “Ngiyakhuleka kuwe Jehova Nkulunkulu wezulu, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe. |
wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,
Ngubani onjengabantu bakho, u-Israyeli, isizwe esisodwa emhlabeni, uNkulunkulu azihlengela sona ukuba sibe ngabantu bakhe, wazenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe phambi kwabantu bakho owabahlenga eGibhithe na?
“Nakhu okushiwo nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘USimakade uNkulunkulu wasezulwini unginike yonke imibuso yomhlaba, wangiqoka ukuba ngimakhele indlu eJerusalema, kwaJuda.
Ngakubona lokho, ngaphakama, ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu bonke: “Ningazesabi. Khumbulani iNkosi enamandla neyesabekayo, nilwele abafowenu, abantwana benu, omkenu nemizi yenu.”
base bakha uzungu lokuza kanyekanye bazolwa nalo iJerusalema, badale inxushunxushu.
“Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, uhlale usigcina njalo isivumelwano sakho somusa. Yonke le nkathazo esehlelayo mayingabi ncane ebusweni bakho, thina namakhosi ethu, nezikhulu zakithi, nabaphristi bakithi, nabaphrofethi, nawokhokho, nabo bonke abantu bakho, kusukela ezinsukwini zamakhosi ama-Asiriya kuze kube namuhla.
Ngimemezele ngithi: “Umusa wakho umi ingunaphakade, ukwethembeka kwakho ukuqinise emazulwini.”
Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngafunga kuDavide, inceku yami, ngathi:
Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, ngubani onjengawe na? Somandla, Simakade, ukwethembeka kwakho kukuzungezile.
kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.
“Kuyothi uma nilalela lezi zehlulelo, nizigcina, nizenza, uSimakade uNkulunkulu wakho uyakusigcina isivumelwano asenza nawe nomusa afunga ngawo kokhokho bakho.
Ngalokho-ke ungazesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo, uphakathi kwakho.
Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,