Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNahume 2:4 - IsiZulu 2020

Izinqola zenza njengezinhlanya emigwaqweni, zigijima ziya le nale; ukubonakala kwazo kunjengezibani, zigijima ziphambana njengemibani.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Izinqola ziyahlanya ezitaladini, ziyaficana ezigcawini; ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa, zigijima njengemibani.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Izinqola ziyakuhlokoma emigwaqweni, zime ziqonde, enye ibhekane ezindleleni ezibanzi; zibukeka njengezimbaqa, zigijima njengombani.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNahume 2:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akanaluvalo ngabendlu yakhe ngesikhathi seqhwa, ngokuba umndeni wakhe uwugqokisa ezibubende.


Ngesandla sezinceku zakho uyidelelile iNkosi, wathi: ‘Ngezinqola zami eziningi ngenyukele phezulu ezintabeni, kuze kube semikhawulweni yeLebhanoni; ngagawulela phansi imisedari yalo emide, nemisayiphuresi yalo ekhethekileyo, ngafinyelela emajukujukwini ekuphakameni kwalo, nasesijwini sehlathi elicinene.


Ngokuba uSimakade uyofika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, athulule intukuthelo yakhe ngokufutheka, nolaka lwakhe ngamalangabi omlilo.


Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye, kithi, ngokuba sichithiwe!


Khuphukani, mahhashi, nibhembuluke zinqola, mawaphume amaqhawe: uKhushe noPhuthi babambe izihlangu, namaLudi abambe umnsalo.


bayakuza kuwe bakuthelekele ngezikhali, izinqola, okunamasondo, nesixuku sabantu, bayakukuvimbezela nxazonke ngamahawu nezihlangu, nezigqoko zempi. Ngiyakubanika igunya lokwehlulela, bayakukwehlulela ngezehlulelo zabo.


Ngenxa yobuningi bamahhashi akhe, uyakumbozwa wuthuli lwawo, izingange zakho zizamazame ngenxa yomsindo wabagibele amahhashi, nangenxa yobukhehlekhehle bamasondo nezinqola zempi, kuthi lapho engena emasangweni akho, kube sengathi kungenwa emzini ozingange zawo zibhidliziwe.


“ ‘ “Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizomyisa eThire uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ukuba amelane nalo evela enyakatho, nguye oyinkosi yamakhosi; unamahhashi, izinqola zempi, abagibeli bamahhashi, nesixuku esikhulu samabutho.


“Ngesikhathi sokugcina inkosi yaseningizimu iyakulwa nayo; inkosi yasenyakatho iyakuza kuye njengesishingishane inezinqola, nabamahhashi, nemikhumbi eminingi, iyakungena ngaphakathi ezweni, ikhukhule, idlule.