UNahume 1:15 - IsiZulu 2020 Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. O Juda, gcina imikhosi yakho, ugcwalise izithembiso zakho, ngoba omubi kasayikudlula kuwe; unqunyiwe ngokuphelele. |
Mina ngingowokuqala okumemezele eZiyoni, nganika iJerusalema isithunywa sezindaba ezinhle.
Ihlane nemizi yalo makujabule, nemizana okwakhe kuyo abakwaKedari, abakhileyo eSela mabajabule bathokoze, mabenanele beseziqongweni zezintaba.
Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Ziyoni, ugqoke izingubo zakho zakwanokusho, wena Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayukungena kuwe ongasokile nongcolileyo.
Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”
“Niyakukwazi-ke ukuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele. IJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayukudabula futhi kulo.
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilena imikhosi kaSimakade emisiweyo engiyimemezelayo kini ibe yimihlangano engcwele, iyimikhosi yami emisiweyo.
“ ‘Nansi-ke imikhosi emisiweyo kaSimakade, imihlangano engcwele eniyoyimemezela kubo ngezikhathi ezimisiweyo:
Kepha uSimakade uyalezile ngawe ukuthi akusayukuphinde kutshalwe egameni lakho, endlini yonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo, ngiyakwenza ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.
Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke,
“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
Walithumela izwi kubantu bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu uKhristu; okunguYena oyiNkosi yabo bonke.
Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”