UNahume 1:13 - IsiZulu 2020 Manje-ke sengizoliphula ijoka elikuwe, ngigqashule izibopho zakho.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho, ngigqabule izibopho zakho.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba manje ngiyakulaphula ijoka lakhe kuwe, ngiphule amaketanga akho abe yizicucu. |
Kuyothi ngalolo lusuku umthwalo wabo uyakususwa emahlombe akho, nejoka labo entanyeni yakho, ijoka liyonqamuka ngenxa yokunona.
ukuthi ngiyolicoboshisa i-Asiriya ezweni lami, ngiligxobe ezintabeni zami; lisuswe kubantu bani ijoka lalo nomthwalo walo osemahlombe abo.”
Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani.
“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.
Ngizakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaSimakade nesimiso sikaNkulunkulu wabo,” nokho nabo balephulile ijoka ngokufanayo, bazigqabula izibopho.
NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.