UHamani wathi: “Ngisho nendlovukazi u-Esteri ayimemanga muntu omunye edilini ngaphandle kwami nenkosi, nakusasa ngiyaphindela, mina nenkosi isimemile,
UmShumayeli 8:7 - IsiZulu 2020 akazi ukuthi kuzokwenzekani, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi izokwenzeka kanjani? IBHAYIBHELI ELINGCWELE lokhu engazi okuyakuba khona, ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba kakwazi okuzakuba khona; ngoba ngubani ongamtshela ukuthi kuzakuba nini? |
UHamani wathi: “Ngisho nendlovukazi u-Esteri ayimemanga muntu omunye edilini ngaphandle kwami nenkosi, nakusasa ngiyaphindela, mina nenkosi isimemile,
ngokuba inhlekelele izobehlela ngokuzuma. Ngubani owazi ukubhujiswa okungalethwa yibo bobabili na?
Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.
Isiwula sikhuluma amagama amaningi, kodwa akukho muntu owaziyo ukuthi kuzokwenzekani, nongasho ukuthi yini ezolandela uma sesifile?
Ngakho-ke ngabona ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngomsebenzi wakhe, ngokuba lokho kuyisabelo sakhe; ngubani ongamenza abone okuyakwenzeka nxa esefile na?
Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?
Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.
Konke lokhu ngakucabangisisa enhliziyweni yami, ngihlola ukuthi kungani abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma luthando noma yinzondo, akekho umuntu okwazi konke okuphambi kwakhe.
Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.
Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele.