UmShumayeli 8:6 - IsiZulu 2020 Ngokuba yonke into inesikhathi sayo esiyifanele, nendlela yokuyenza, nanxa inhlupheko yomuntu inzima emahlombe akhe, IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba kukhona isikhathi nokwahlulela ezindabeni zonke; nokho ububi bomuntu bukhulu phezu kwakhe, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba yonke into inesikhathi nokwahlulela, ngakho-ke usizi lomuntu lukhulu phezu kwakhe. |
Uyajeziswa ngobuhlungu esecansini lakhe, nangokunkenketha okungapheliyo emathanjeni akhe.
Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.
Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.
Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uzobehlulela abaqotho nezikhohlakali, ngokuba yonke indaba nomsebenzi kubekelwe isikhathi sakho.”
Uma umninindlu esesukumile wavala umnyango, niyakuma ngaphandle, ningqongqoze emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ yena uyakuphendula, athi: ‘Anginazi ukuthi nivela kuphi.’