Nokho-ke inkosi yayikhulume yaqokothisa kuJowabe, umkhuzi wempi, ngakho-ke laphumelela izwi layo. UJowabe nezikhulu zempi baphuma phambi kwenkosi, bahamba bayobala abantu bakwa-Israyeli.
UmShumayeli 8:4 - IsiZulu 2020 Izwi lenkosi liyabusa, ngubani ongathi kuyo: “Wenzani na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba izwi lenkosi liyabusa; ngubani ongasho kuyo ukuthi: “Wenzani na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho kukhona izwi lenkosi, kunamandla; ngubani ongathi kuye: Wenzani? |
Nokho-ke inkosi yayikhulume yaqokothisa kuJowabe, umkhuzi wempi, ngakho-ke laphumelela izwi layo. UJowabe nezikhulu zempi baphuma phambi kwenkosi, bahamba bayobala abantu bakwa-Israyeli.
njengoba ngafunga kuwe ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ngathi uSolomoni, indodana yakho, uyokuba yinkosi emva kwami; uyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngenza kanjalo namuhla.”
Inkosi uSolomoni yayisithumela uBhenaya, indodana kaJehoyada, ukuba imhlasele imbulale; wafa kanjalo-ke.
Inkosi yayisiyala uBhenaya, indodana kaJehoyada, waphuma wamthelekela; wambulala. Umbuso waqiniswa esandleni sikaSolomoni.
UThathenayi, umbusi wesifunda esingasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi nabangani babo, bakwenza ngokucophelela lokho inkosi uDariyu eyayibalayeze khona.
Bheka, uyabamba, ngubani ongamkhalima na? Ngubani oyakusho kuye, athi: ‘Wenzani na?’
Inkosi yaseGibhithe yababiza ababelethisi yathi kubo: “Nikwenzeleni lokhu, nayeka abafana ukuba baphile na?”
Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.
Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.
Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”
bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”
Maye, muntu ndini! Ungubani-ke wena ukuba uqagulisane noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kumbumbi ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”