Kepha-ke akubanga bikho omunye owafana no-Ahabi owazithengisa, wenza okubi phambi kukaSimakade, edudwa nguJezebheli, umkakhe.
UmShumayeli 8:12 - IsiZulu 2020 Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe; Contemporary Zulu Bible 2024 Noma isoni senza okubi izikhathi eziyikhulu, izinsuku zaso zande, nokho ngiyazi ukuthi kuyakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, abamesabayo; |
Kepha-ke akubanga bikho omunye owafana no-Ahabi owazithengisa, wenza okubi phambi kukaSimakade, edudwa nguJezebheli, umkakhe.
Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.
Khulekani kuSimakade, nihlobe ngobungcwele, nithuthumele ebusweni bakhe, mhlaba wonke.
UNkulunkulu wabenzela okuhle ababelethisi; abantu banda, baba namandla amakhulu.
Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.
Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.
Nalokho kungububi obudabukisayo; wafika kanjalo, uzohamba kanjalo futhi, nzuzoni ayitholile ngokushikashikela umoya na?
Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.
Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize: umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe, nomuntu omubi ephila isikhathi eside ebubini bakhe.
Kuhle ukuthi ukubambe lokhu; ungasisusi isandla sakho kukho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyaphumelela kukho konke.
Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami, engikubeke phambi kwenu naphambi kokhokho benu.
“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.
Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,
Uma uNkulunkulu ebethanda ukubonakalisa ulaka lwakhe nokuveza amandla akhe, ababekezelela labo ababemiselwe ulaka lwakhe, ukuba babhujiswe,
Ningalidli ukuba kube kuhle kini nakubantwana benu emva kwenu, ngokuba niyobe nenza okulungile emehlweni kaSimakade.
Qaphelani, ukuba niwezwe wonke lawa mazwi enginiyala ngawo ukuze kube kuhle kini nakubantwana benu eniyobazala kuze kube phakade, ngokuba niyobe nenza okuhle nokulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.
Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”
Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa,