Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UmShumayeli 7:8 - IsiZulu 2020

Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo; onomoya obekezelayo ungcono kunoziphakamisayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Isiphetho sento singcono kunokuqala kwayo, futhi obekezelayo emoyeni ungcono kunozidlayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UmShumayeli 7:8
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa, kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa kukhona ukuhlakanipha.


Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.


Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu, kodwa owephuzayo ukuthukuthela udambisa ingxabano.


Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi.


Umuntu ozazisayo udala ingxabano, kodwa owethembela kuSimakade uyakucetshiswa.


Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.


“Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka.


Ekubekezeleni kwenu, niyakuzuza ukuphila kwenu.”


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa,


ngokuthobeka nobumnene, ngokubheka kade, nibekezelelane ngothando,


Ngokuba niyadinga ukubekezela, lokho kuyintando kaNkulunkulu ukuze kuthi lapho senikwenzile namukele isithembiso.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Nani-ke bekezelani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukubuya kweNkosi sekusondele.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.