Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.
UmShumayeli 7:6 - IsiZulu 2020 Njengomsindo wokusha kwameva phansi kwebhodwe, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengokucacamba kwezintathawe eziphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba njengokuqhuqhumba kwameva ngaphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kwesiwula; nalokho kuyize. |
Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.
Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.
Uma ohlakaniphileyo ephikisana nesiwula siyadlova, sihleke, kungabi bikho ukuthula.
Mayelana nokuhleka, ngathi: “Kungubuwula,” maqondana nentokozo, ngathi: “Inamsebenzi muni na?”
“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.”
“Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka.
Maye, kinina enisuthiyo manje, ngokuba niyakulamba! Maye, kinina enihlekayo manje, ngokuba niyakukhala, nikhihle isililo!