Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo.
UmShumayeli 7:5 - IsiZulu 2020 Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo, kunokulalela iculo leziwula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula. Contemporary Zulu Bible 2024 Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula. |
Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo.
Njengecici legolide nemvunulo yegolide elicolisekileyo, unjalo osola ohlakaniphileyo onendlebe elalelayo.
Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,
Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye.
Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.
Ukukhulumela phansi kwabahlakaniphile kuyalalelwa kunokumemeza kombusi phakathi kwezilima.
“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.