Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni.
UmShumayeli 7:12 - IsiZulu 2020 Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha kufana nokuvikeleka kwemali, kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ukuhlakanipha kuyisiphephelo, nemali iyisiphephelo, kepha ukudlula ukwazi kungukuthi ukuhlakanipha kuphila kwabanakho. |
Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni.
Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe. Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zedlule izinhlekelele.
Ompofu uyazondwa ngisho ngumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo uthandwa ngabaningi.
Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo, babusisiwe labo ababambelela baqine kukho.
Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.
Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama.
Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile, edlule ababusi abalishumi abasemzini.
Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla,” ngisho noma ukuhlakanipha komuntu ompofu kwedeleleka, namazwi akhe engashaywa mkhuba.
Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.
Abehlela eGibhithe ngaphandle kweseluleko sami, ukuze baphephele ekuvikelweni nguFaro, bafune ukukhosela emthunzini eGibhithe.
Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.
Uyoba ngukuzinza esikhathini senu, abe ngukuphelela kokusindiswa, ukuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.
Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokhu engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokhu uBaba engitshela khona.”
Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.
Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”
Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,
“Isihlahla sejikijolo saphendula sathi: ‘Uma ningibeka ngibe yinkosi yenu, wozani nizokhosela phansi komthunzi wami, uma kungenjalo, makuvele umlilo ejikijolweni, uqothule imisedari eLebhanoni.’