UmShumayeli 7:10 - IsiZulu 2020 Ungasho ukuthi: “Kungani izinsuku zasemandulo zazingcono kunezanamuhla na?” Ngokuba lokho kubuza akuveli ekuhlakanipheni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungasho ukuthi: “Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na?” Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungasho ukuthi: Kungani izinsuku zakuqala zazingcono kunalezi na? ngoba awubuzi ngokuhlakanipha ngalokhu. |
Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.
UGideyoni wathi kuyo: “Kodwa mnumzane, uma uSimakade enathi, kungani kwenzeke konke lokhu kithi, na? Ziphi zonke izenzo zakhe ezimangalisayo, okhokho bethu abasixoxela ngazo, bethi: ‘Akazange yini uSimakade asikhuphule eGibhithe, na?’ Kepha manje uSimakade usilahlile, wasinikela esandleni sabakwaMidiyani.”