UmShumayeli 5:9 - IsiZulu 2020 Impumelelo yezwe isenkosini enakekela ukulinywa kwamasimu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke. Contemporary Zulu Bible 2024 Inzuzo yomhlaba ngeyabo bonke; inkosi ikhonza emasimini. |
Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi, kepha kuyashabalala ngenxa yokungalungi.
Olima insimu yakhe uyosuthiswa ngukudla, kepha olandela amayiyane, uyosutha ubumpofu.
umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.
Othanda imali akaneliswa yiyo; nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo, nalokho kuyize.
Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.