UmShumayeli 4:7 - IsiZulu 2020 Ngabuye ngabona ize phansi komthunzi welanga: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga: Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngibuya, ngabona okuyize phansi kwelanga. |
Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.
Singcono isandla esisodwa esigcwele ukuthula, kunezimbili ezigcwele umshikashika, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.
umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.
Kanti amazwi ami nezimiso zami engayaleza ngakho izinceku zami abaphrofethi akufinyelelanga yini kokhokho benu na? Angithi baphenduka, bathi: ‘Njengoba uSimakade Wamabandla ebehlelile ukwenza lokhu kithi ngokwezindlela zethu nangemisebenzi yethu, wenze kanjalo-ke kithi.’ ”