Uma ababili belala ndawonye bayafudumala, uma umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?
Futhi uma ababili belele ndawonye, banokufudumala, kepha oyedwa angafudumala kanjani na?
Futhi uma ababili belele ndawonye, bayakushisa; kodwa umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?
Ngokuba uma bewa, bayavusana; maye kulowo oyedwa, nxa ewa akanaye ongamvusa!
Noma umuntu oyedwa engehlulwa, nxa bebabili bangazivikela. Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula.