UKhayini wathi ku-Abela umnawakhe: “Asihambe siye endle.” Kuthe sebefike endle, uKhayini wambhudukeza umnawakhe wambulala.
UmShumayeli 4:10 - IsiZulu 2020 Ngokuba uma bewa, bayavusana; maye kulowo oyedwa, nxa ewa akanaye ongamvusa! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uma bewa, omunye uyavusa umngane wakhe; kepha maye kuye oyedwa lapho ewa, engenawesibili wokumvusa! Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uma bewa, omunye uyakuthabatha umngane wakhe; kepha maye koyedwa uma ewa; ngoba kalamuntu ongamphakamisa. |
UKhayini wathi ku-Abela umnawakhe: “Asihambe siye endle.” Kuthe sebefike endle, uKhayini wambhudukeza umnawakhe wambulala.
Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.
Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle kungekho ongawalamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.
UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”
Uma ababili belala ndawonye bayafudumala, uma umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?
Bazalwane, uma umuntu ebhabheka ebubini, nina bomoya mbuyiseni lowo ngomoya wobumnene, niqaphele nani, funa nilingwe.
Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu.