Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”
UmShumayeli 3:10 - IsiZulu 2020 Ngiwubonile umshikashika uNkulunkulu awunike abantu ukuba babe matasatasa ngawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabona ukubaluleka komzamo uNkulunkulu awunikela kubantwana babantu ukuze baqeqeshwe kuwo. |
Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”
Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.
Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.
Bazalwane, niyakukhumbula ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singabi ngumthwalo nakoyedwa kini, lapho sinishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.
Asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sazikhandla, sisebenza kanzima ubusuku nemini, ukuba singabi mthwalo kumuntu,