UmShumayeli 2:7 - IsiZulu 2020 Ngathenga izigqila zesilisa nezesifazane, nalezo ezazizalelwe kwami; nganginemfuyo eningi, imihlambi yezinkomo neyezimvu nezimbuzi, kukuningi ukwedlula okukanoma ngubani owangendulelayo eJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngathenga izinceku nezincekukazi, nganginazo ezazalwa endlini; yebo, nganginemfuyo enkulu yezinkomo neyezimvu phezu kwakho konke okwakuphambi kwami eJerusalema. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngazitholela izinceku nezincekukazi, kwazalelwa izinceku endlini yami; Futhi nganginemfuyo eningi yezinkomo nezinkomo ngaphezu kwabo bonke ababengaphambi kwami eJerusalema. |
Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.
U-Abhrama waqhubeka wathi: “Njengoba ungincishe umntwana nje, kusobala ukuthi le nceku ezalelwe lapha ekhaya yiyona ezokuba yindlalifa yami.”
izinkabi ezilishumi ezikhuluphalisiweyo, izinkabi ezingama-20 zasemadlelweni, izimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, amanxala, izinsephe, nezinkukhu ezikhuluphalisiweyo.
UMesha, inkosi yakwaMowabi, wayengumfuyi wezimvu, wathela enkosini yakwa-Israyeli ngoboya bamawundlu ayizi-100 000 nobezinqama eziyizi-100 000.
Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.
Abozalo lwezinceku zikaSolomoni yilaba: ababozalo lukaSothayi, lukaHasoferethi, lukaPheruda,
Zonke izisebenzi zasethempelini nabozalo lwezinceku zikaSolomoni babengama-392.
Abozalo lwezinceku zikaSolomoni yilaba: abozalo lukaSothayi, lukaSoferethi, lukaPherida,
Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.
USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.
Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe,