Inkosi yamlilela u-Abhineri, yathi: “U-Abhineri ubengafa njengokufa kwesiwula na?
UmShumayeli 2:16 - IsiZulu 2020 Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nesiwula, ngoba ngokuhamba kwezinsuku, bobabili bayalibaleka. Kungenzeka kanjani ukuthi ohlakaniphile afe njengesiwula na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo ngaphezu kwesiwula kuze kube phakade; ngokuba lokho okuzayo ngalezi zinsuku kuyakukhohlakala konke. Futhi ufa kanjani ohlakaniphileyo? kunesiwula. |
Inkosi yamlilela u-Abhineri, yathi: “U-Abhineri ubengafa njengokufa kwesiwula na?
Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye.
Ziyaziwa yini izimangaliso zakho ebumnyameni, nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
Ukuhlakanipha koqondayo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
Akukho ukukhunjulwa kwezinto esezedlule, nokwalezo ezisayokwenziwa yilabo abalandelayo.
Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili.
Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Okwehlela isiwula, nami kuzongehlela. Pho kungani ngihlakaniphe kakhulu na?” Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize.
Umuntu ohlakaniphile ungcono ngani koyisiwula na? Umuntu ompofu, okwazi ukuziphatha kahle phambi kwabantu, utholani na?
Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.
Ngabona ababi bengcwatshwa, ababevame ukungena bephuma endaweni engcwele, belibaleka emzini lapho babenza khona lezo zinto; nalokho kuyize.
Kulowo muzi kwakukhona indoda empofu ehlakaniphile, yona ngokuhlakanipha kwayo yawuhlenga, kodwa akekho oyikhumbulayo leyo ndoda empofu.
Abaphilayo bayazi ukuthi bazokufa, kodwa abafileyo abasazi lutho, futhi abasenamvuzo; abasakhunjulwa nakukhunjulwa.
Kuthi lapho abamesabayo uSimakade uma bekhuluma bodwa omunye nomunye; uSimakade akulalelisise, akuzwe lokho, bese kubhalwa phambi kwakhe encwadini yokukhumbula abamesabayo uSimakade, labo abalihloniphayo iGama lakhe.
Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,