Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”
UmShumayeli 12:3 - IsiZulu 2020 Ngosuku lapho abalindi bendlu beyothuthumela, namadoda anamandla athothobale, nabasilayo beyoyeka ukugaya, ngoba sebeyingcosana, nabalunguza ngamafasitela bangabe besalunguza, IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela, amadoda anamandla agobe, abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana, abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe, Contemporary Zulu Bible 2024 Mhla abalindi bendlu bethuthumela, bakhothama abanamandla, nabasilayo beyeka, ngokuba bayingcosana, nababuka ngamafasitele babe mnyama; |
Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”
Amehlo ka-Israyeli ayesenqundekile ngenxa yobudala, engasaboni kahle. Ngakho-ke uJosefa wawasondeza, wayeseyawanga, wawagona.
Ngangehla ngenyuka, kungathi ngizilele umngani noma umfowethu, ngakhothama, ngilila njengomuntu osebuhlubungwini bokufelwa ngunina.
Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Kusazohlala amakhehla nezalukazi emigwaqweni eJerusalema, yilowo nalowo aphathe udondolo esandleni sakhe ngenxa yobuningi bezinsuku zakhe.
Kwathi ngolunye usuku u-Eli elele endaweni yakhe namehlo akhe eseqala ukufiphala engasaboni kahle,