USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe.
UmShumayeli 12:1 - IsiZulu 2020 Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;” Contemporary Zulu Bible 2024 Cabanga ngoMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingasondeli iminyaka, uma uthi: Angithokozi ngayo; |
USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe.
Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.
Namuhla ngineminyaka engama-80; ngisakwazi yini ukwehlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho isengakuzwa nje ekudlayo nekuphuzayo? Kepha ngingabe ngisalizwa yini izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Kungani inceku yakho izoba ngumthwalo enkosini yami, inkosi na?
Inceku yakho isingahamba ibangana nje ukuweza inkosi. Pho kungani inkosi ifuna ukungiklomelisa ngomklomelo ongaka na?
U-Israyeli wonke uyomlilela, ammbele, ngokuba nguye kuphela owomndeni kaJerobhowamu oyongcwatshwa ethuneni, lokhu uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli efumene okuhle kuye, endlini kaJerobhowamu.
“Kuyakuthi sengikushiyile, uMoya kaSimakade ukuthathe ukuyise lapho ngingazi khona, lapho sengifika ngimbikela u-Ahabi, bese engakufumani, uyakungibulala, kepha mina, nceku yakho, ngiyamesaba uSimakade kwasebusheni bami.
Ngakubona lokho, ngaphakama, ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu bonke: “Ningazesabi. Khumbulani iNkosi enamandla neyesabekayo, nilwele abafowenu, abantwana benu, omkenu nemizi yenu.”
Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.
Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo.
Susa ukungeneliseki engqondweni yakho, uxoshe ubuhlungu emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nokuqala kokuphila kuyize.
Yipha abayisikhombisa isabelo sakho, kanjalo abayisishiyagalombili, ngokuba awazi ukuthi bubi buni obungahle behlele umhlaba.
Noma umuntu angaphila iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, nokho makakhumbule ukuthi izinsuku zobumnyama zizoba ziningi. Konke okuzayo kuyize.
Simakade siyakulindela endleleni yezehlulelo zakho. Umphefumulo wami ulangazelela igama lakho, nezikhumbuzo zakho.
Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.
Abafokazi badle amandla akhe, kodwa yena akazi; izinwele zakhe seziyaqhakaza, kepha yena akazi.
Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.
Kepha uJesu wababiza, ethi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanje.
Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
“Kepha uyomkhumbula uSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba nguye okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe afunga ngaso kokhokho bakho, njenganamuhla.
nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.
ngakho-ke nami ngimnikela kuSimakade ukuba ngazo zonke izinsuku zokuphila kwakhe abe ngokaSimakade.” Wakhothama kuSimakade elapho.
Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”
USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.