Kwathi ngesikhashana nje izulu laguqubala, kwaba nomoya, lana imvula enkulu. U-Ahabi wakhwela inqola, waya eJizreyeli.
UmShumayeli 11:3 - IsiZulu 2020 Uma amafu emumethe imvula, ayithululela emhlabeni; nesihlahla uma siwela ngaseningizimu noma ngasenyakatho, sitholakala lapho siwele khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma amafu egcwele imvula, ayayithulula emhlabeni; futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho amafu egcwele imvula, athululela emhlabeni; uma umuthi uwa ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho isihlahla uwe khona, siyakuba-khona. |
Kwathi ngesikhashana nje izulu laguqubala, kwaba nomoya, lana imvula enkulu. U-Ahabi wakhwela inqola, waya eJizreyeli.
Yipha abayisikhombisa isabelo sakho, kanjalo abayisishiyagalombili, ngokuba awazi ukuthi bubi buni obungahle behlele umhlaba.
Izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.
Wayesethi kosebenza esivinini: ‘Phela sekuyiminyaka emithathu ngifika ngizofuna amakhiwane kulo mkhiwane, kodwa ngingatholi lutho. Ngakho-ke wunqume: kungani ulokhu ugugisa umhlabathi na?’
Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?