Ukutamasa akusifanele isiwula, kakhulu kangakanani-ke ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu?
UmShumayeli 10:5 - IsiZulu 2020 Kukhona ububi engibubonile phansi komthunzi welanga, bunjengephutha elenziwa ngumbusi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga, bunjengephutha elivela kumbusi: Contemporary Zulu Bible 2024 Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga, njengesiphambeko esivela kumbusi. |
Ukutamasa akusifanele isiwula, kakhulu kangakanani-ke ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu?
Lapho abaqotho bethokoza, kuba nodumo olukhulu, kodwa uma izikhohlakali ziphakama, abantu bayacasha.
Uma ulaka lombusi lukuvukela, uze ungasuki endaweni yakho; ukuthobeka kulungisa amaphutha amakhulu.
ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, abacebile bahlala endaweni ephansi.
Phezu kwalokho ngabona ukuthi phansi komthunzi welanga, esikhundleni sobulungiswa, kunenkohlakalo; esikhundleni sobuqotho, kunobubi.
Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.
Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi.
Ngabona enye into embi phansi komthunzi welanga, futhi ingumthwalo onzima emahlombe abantu.
Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.