Ubaba wanethwesa ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngofezela.’ ”
UmShumayeli 10:16 - IsiZulu 2020 Maye, kuwe lizwe elibuswa yinkosi esencane, izikhulu zakho zizitika ngedili kusuka ekuseni! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana, nezikhulu zakho zinedili ekuseni! Contemporary Zulu Bible 2024 Maye kuwe zwe, uma inkosi yakho isengumntwana, nezikhulu zakho zidla ekuseni! |
Ubaba wanethwesa ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngofezela.’ ”
Kwabuthana kuye wonke amayiyane, nabantu abakhohlakele baba namandla kunoRehobhowamu, indodana kaSolomoni. URehobhowamu wayesemusha, engakaqini ukhakhayi, akakwazanga ukumelana nabo.
UZedekiya wayeneminyaka engama-21 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema.
UJehowahazi wayeneminyaka engama-23 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema.
UJehoyakimi wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Wenza okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakhe.
UJehoyakini wayeneminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu nezinsuku ezilishumi eJerusalema. Wenza okubi phambi kukaSimakade.
Umbusi ongenakuqonda ungumcindezeli ononya, kodwa ozonda inzuzo engalungile uyophila isikhathi eside.
Abantu bami bacindezelwa yizingane, babuswa ngabesifazane. Bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; baphambanisa indlela eniziphatha ngayo.
Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.