Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,
UmShumayeli 10:11 - IsiZulu 2020 Uma inyoka iluma ingalunjiwe, akanalusizo lwalutho umlumbi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma inyoka iluma ingakalunjwa, umlumbi akasizi lutho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngempela, inyoka iyoluma ngaphandle kwemilingo; nomuntu ophoxayo akangcono. |
Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,
Nkulunkulu, yephula amazinyo abo emilonyeni yabo. Simakade, phohloza amazinyo emihlathi yamabhongo ezingonyama.
Uma imbazo ibuthuntu, umuntu engayilolanga, usebenzisa amandla amakhulu; kodwa ukuhlakanipha kuletha ithuba lempumelelo.
“Bheka, ngizothumela phakathi kwenu izinyoka, izinyoka ezinesihlungu esibi, ezingenakulunjwa; ziyoniluma,” kusho uSimakade.
Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo.
Kepha akukho muntu kubantu onamandla okuluthambisa ulimi; lungububi obungalawuleki, lugcwele isihlungu esibulalayo.