UmShumayeli 1:1 - IsiZulu 2020 Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. Contemporary Zulu Bible 2024 Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. |
Usuqoke abaphrofethi eJerusalema abazommezela ngawe, bathi: ‘Kunenkosi kwaJuda!’ Lawo mahlebezi angahle afinyelele enkosini, ngakho-ke woza sizohlangana, sikhulume.”
Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu, angizivalanga izindebe zami, Simakade, Wena uyakwazi lokho.
Mnike isabelo emsebenzini wezandla zakhe, mabawudumise umsebenzi wakhe emasangweni.
“Yilokhu-ke engikutholile,” kusho uMshumayeli. “Ngihlanganisa lokhu nalokhu ukuze ngithole umphumela,
UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.
“Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.”
engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu.