Ubikizela njengamanzi omfula, kodwa ngeke usaba yingqongqo, ngoba wakhwela embhedeni kayihlo, wawungcolisa; wakhwela embhedeni wami.
UMikha 7:6 - IsiZulu 2020 Ngokuba indodana iphatha kabi uyise; indodakazi ivukela unina; umakoti umelana noninazala, nezitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba indodana idelela uyise, indodakazi ivukela unina, umalokazana kuninazala; izitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe. |
Ubikizela njengamanzi omfula, kodwa ngeke usaba yingqongqo, ngoba wakhwela embhedeni kayihlo, wawungcolisa; wakhwela embhedeni wami.
UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.
“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.
Abantu bayocindezelana; yilowo nalowo acindezele omunye, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe; izingane ziyokwedelela abadala, nabantukazana badelele izikhulu.
Ngentukuthelo kaSimakade Wamabandla, izwe lashiswa; abantu bafana nenswani, badliwe ngumlilo, akwababikho ophephisa umakhelwane wakhe.
Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”
“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembeli nakubafowenu, ngokuba abafowenu bonke bagebenga, bonke omakhelwane behla benyuka, behleba.
Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.
Bonke owenze isivumelwano nabo bayakukuxoshela emingceleni; abantu obuhleli nabo ngokuthula bayakukukhohlisa, bakunqobe; labo obudla isinkwa sakho nabo bayakubeka ugibe phansi kwakho; akekho oluqondayo.
“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.
Kepha waphendula, wathi: “Lowo ofake isandla kanye nami esitsheni, nguye ozakungikhaphela.
Kuyokuba khona ukwehlukana: uyise amelane nendodana, nendodana imelane noyise, unina amelane nendodakazi, nendodakazi nonina, uninazala amelane nomalokazana, nomalokazana amelane noninazala.”
Impela niyakukhashelwa ngisho ngabazali, abafowenu, izihlobo nabangani; abanye benu bayakubulawa yibo.
“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’