Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UMikha 7:6 - IsiZulu 2020

Ngokuba indodana iphatha kabi uyise; indodakazi ivukela unina; umakoti umelana noninazala, nezitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngoba indodana idelela uyise, indodakazi ivukela unina, umalokazana kuninazala; izitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UMikha 7:6
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ubikizela njengamanzi omfula, kodwa ngeke usaba yingqongqo, ngoba wakhwela embhedeni kayihlo, wawungcolisa; wakhwela embhedeni wami.


UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.


Ngisho nomhlobo wami ebengimethemba, ngimupha ukudla kwami, usengiphendukele.


“Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise, nesingambusisi unina.


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.


Abantu bayocindezelana; yilowo nalowo acindezele omunye, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe; izingane ziyokwedelela abadala, nabantukazana badelele izikhulu.


Ngentukuthelo kaSimakade Wamabandla, izwe lashiswa; abantu bafana nenswani, badliwe ngumlilo, akwababikho ophephisa umakhelwane wakhe.


Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”


“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembeli nakubafowenu, ngokuba abafowenu bonke bagebenga, bonke omakhelwane behla benyuka, behleba.


Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.


Bonke owenze isivumelwano nabo bayakukuxoshela emingceleni; abantu obuhleli nabo ngokuthula bayakukukhohlisa, bakunqobe; labo obudla isinkwa sakho nabo bayakubeka ugibe phansi kwakho; akekho oluqondayo.


“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.


Kepha waphendula, wathi: “Lowo ofake isandla kanye nami esitsheni, nguye ozakungikhaphela.


Kuyokuba khona ukwehlukana: uyise amelane nendodana, nendodana imelane noyise, unina amelane nendodakazi, nendodakazi nonina, uninazala amelane nomalokazana, nomalokazana amelane noninazala.”


Impela niyakukhashelwa ngisho ngabazali, abafowenu, izihlobo nabangani; abanye benu bayakubulawa yibo.


“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’