UMikha 7:5 - IsiZulu 2020 Ningathembeli kumakhelwane, ningakholwa ngumngani. Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho kulowo olala esifubeni sakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningamethembi umngane, ningakholwa ngumhlobo; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningathembi umngane, ningathembi umholi; mgcinele olala esifubeni sakho iminyango yomlomo wakho. |
“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.
“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembeli nakubafowenu, ngokuba abafowenu bonke bagebenga, bonke omakhelwane behla benyuka, behleba.
Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.
“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.
Wakhala phambi kwakhe kwaze kwaphela izinsuku eziyisikhombisa zedili labo, kodwa ngenxa yokuba wayelokhu embelesele, ngosuku lwesikhombisa uSamsoni wamtshela. Wayesebachazela abakubo imfumbe.