UMikha 5:15 - IsiZulu 2020 Ngiyakuphindisela ngentukuthelo nangolaka ezizweni ezingalalelanga.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakwenza impindiselo ngentukuthelo nangokufutheka kuzo izizwe ezingalalelanga.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakubuyisela izizwe ngolaka nangokufutheka njengalokhu zingakuzwanga. |
Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla, uSomandla ka-Israyeli, uthi: “Impela ngizothululela ulaka lwami ezitheni zami, ngiziphindiselele kuzo.
ngiyakunigweba ngenkemba, nonke niyokhothamela ukuhlatshwa, ngokuba ngesikhathi nginibiza, aniphendulanga; nalapho ngikhuluma, aningizwanga; kodwa nenze okubi emehlweni ami, nakhetha lokho engingathokozi ngakho.”
Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.
Ake nizwe okushiwo nguSimakade, ethi: “Sukuma umangalele izintaba, amagquma mawalizwe iphimbo lakho.
iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.