Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.
UMikha 5:11 - IsiZulu 2020 Ngiyakubhidliza imizi ezweni lakho, ngizicekele phansi zonke izinqaba zakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngiyinqume imizi yasezweni lakho, ngizidilize zonke izinqaba zakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakuchitha imizi yezwe lakho, ngizidilize zonke izinqaba zakho. |
Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.
Ubalahlile abantu bakho, indlu kaJakobe, ngokuba isigcwele imikhuba yasempumalanga; sebengabalumbi njengamaFilisti, bamdibimunye nabantwana babezizwe.
Ngalokhu ububi bukaJakobe buzohlangulwa, kube yisithelo esiphelele sokususa isono sakhe, lapho enza wonke amatshe ase-althare abe yimvithi afane nomcako, kungabe kusamiswa nsika engu-Ashera, ngisho nama-althare empepho imbala.
Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,
INkosi izibhubhise ngokungenaluzwelo, zonke izindawo okuhlala kuzo uJakobe. Ngentukuthelo yayo, izibhidlizile izigqaba zendodakazi uJuda, yaqumba phansi emhlabathini umbuso, nababusi yabathela ngehlazo.
Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elinemizana engabiyelwe, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala lapho kungenalugange khona, kungekho migoqo namasango,
Kuyakuqubuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zibe yincithakalo zonke izinqaba zakho, njengencithakalo eyenziwa uShalimani, eBhethi Aribheli ngosuku lwempi, kuphihlizwa unina nezingane.
Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.