UMikha 3:8 - IsiZulu 2020 Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe. |
“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.
UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.
Ngimemezele unyaka womusa kaSimakade nosuku lokuziphindiselela kukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo,
Ngokuba namuhla ngikubekile ukuba ube ngumuzi obiyelweyo, insika yensimbi, izingange zethusi kulo lonke izwe, emakhosini akwaJuda nezikhulu zakhona, abaphristi bakhona nakubantu bezwe.
Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.
Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.
Abaphrofethi bakho bakutshele imibono engamanga newubuwula, abakuvezanga obala ukuphambuka kwakho ukuze uphenduke, ungayi ekuthunjweni. Bakutshele imibono engamanga neyinkohliso.
“Ndodana yomuntu uzakubehlulela yini, uzakubehlulela na? Bazise izinengiso zokhokho babo,
“Wena ndodana yomuntu uyakwehlulela, uyakuwehlulela yini umuzi ochitha igazi na? Nguwe oyakuwazisa zonke izinengiso zawo,
Wayesethi uSimakade kimi: “Ndodana yomuntu, uyakubehlulela yini o-Ohola no-Oholiba na? Batshele-ke ngezinengiso zabo.
Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.
“Wena ndodana yomuntu, chaza ngendlu kwabendlu yakwa-Israyeli ukuze babe namahloni ngobubi babo, bacabangisise ngesimo sayo.
uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; wabaqamba ngokuthi ngoBhowanergesi okusho ukuthi bangozulu liyaduma;
futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,