Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UMikha 3:3 - IsiZulu 2020

Nidle inyama yabantu bami, nabaxebula isikhumba sabo, amathambo abo nawaphoqophoqoza, nabaqobaqobela ebhodweni nakugalaza njengenyama.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

enidla inyama yabantu bami, nihlinza kubo isikhumba sabo, naphula amathambo abo, yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini nanjengenyama phakathi kwebhodwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

abadla inyama yabantu bami, bakhumula isikhumba sabo kubo; bawaphula amathambo abo, bawahlahlela, njengekhanzi nanjengenyama ekhanzini.

Uka jalj uñjjattʼäta



UMikha 3:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.


Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.


Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba, namazinyo emihlathi yaso ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni, nabasweleyo kubantu.


USimakade uze ukuzokwehlulela ekanye namalunga abantu bakhe nabaholi babo, uthi: “Yini eniqede isivini, nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.


Nibachobozeleni abantu bami, nafihliza ubuso babampofu na?” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


athi: ‘Akuseduze ukuba kwakhiwe izindlu, ziyibhodwe thina siyinyama.’


Faka kulo isitho senyama, isitho senyama enhle; umlenze nomkhono. Ligcwalise ngamathambo ekhethelo.


Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo, niqede nya abasweleyo bezwe,


Akukapholi maseko abantu bami sebephenduke isitha; bahlubula ingubo esembathweni salabo abadlula bethi baphephile, bebuya empini.


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.