Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UMikha 1:4 - IsiZulu 2020

Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, izigodi ziqhekezeke njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi ethelwa emehlelweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UMikha 1:4
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.


Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.


Izintaba zincibilikisa okwengcina phambi kukaSimakade, phambi kweNkosi yawo wonke umhlaba.


INkosi uSimakade Wamabandla nguye othinta umhlaba, uncibilike, balile bonke abahlala kuyo; uyakukhukhumala wonke njengomfula, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe;


Izintaba ziyazamazama phambi kwakhe, amagquma ancibilike, umhlaba uyavokomala, nezwe nabo bonke abahlala kulo.


Izintaba zikubona qede ziyobayobe; isikhukhula siyadlula; izinzulu zizwakalise ukuhlokoma kwazo, ziphakamisele phezulu izandla zazo.


Uyama, azamazamise umhlaba; uyabuka, athuthumelise izizwe; izintaba zakudala ziyabhidlizwa, namagquma asemandulo ayakhothama, yizindlela zakhe zaphakade.


Ngalolo lusuku izinyawo zakhe ziyakuma eNtabeni Yeminqumo, leyo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga. Intaba yeminqumo iyakuqhekezeka phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube ngumhosha omkhulu. Ingxenye yentaba iyakuqhekezeka ngasenyakatho kuthi enye iqhekezeke ngaseningizimu.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


“Simakade lapho uphuma eSeyiri, uphuma esifundeni kwa-Edomi umhlaba wazamazama namazulu ayithulula, amafu athulula amanzi.