“Ningakusho eGathi, ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.
UMikha 1:10 - IsiZulu 2020 Ningasho lutho eGathi, ningalokothi nilile. Zinginqeni othulini eBhethi Leyofra. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha; eBeti Afera huquzelani othulini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningakukhulumi eGati, ningakhali nakanye; zigingqe othulini endlini ka-Afra. |
“Ningakusho eGathi, ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.
Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.
Ngakho-ke ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba yisikhathi esibi.
Lapho umalume wakhe emphakamisa nalowo omshisayo endlini, bese umuntu othile athi kophakathi endlini: “Ukhona yini osele nawe endlin na?” Yena uyakuphendula athi: “Akekho,” bese ethi: “Thula, ngokuba asinakuliphatha igama likaSimakade.”