Wayesethi uMikhaya: “Uma uyobuya ngempela uphephile, uyakube engakhulumanga ngami uSimakade.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”
UMalaki 2:9 - IsiZulu 2020 “Ngalokho-ke Mina nginenze nadeleleka, nathotshiswa phambi kwabo bonke abantu, ngoba ningazigcinanga izindlela zami, futhi niyenzelela emthethweni.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami, kepha nikhethe ubuso emthethweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho nami nginenza nidelelwe, ningabi-yilutho phambi kwabantu bonke, ngokuba anigcinanga izindlela zami, kepha nithanda umthetho. |
Wayesethi uMikhaya: “Uma uyobuya ngempela uphephile, uyakube engakhulumanga ngami uSimakade.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”
Ngizakudabula amaveyili enu amade, ngibakhulule abantu bami esandleni senu, bangaphinde futhi babe yimpango esandleni senu, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.
Izinhlekelele ziyolandelana, umbiko ulandele umbiko. Bayakufuna umbono kumphrofethi, kepha umthetho uyakulahleka kumphristi, neseluleko emalungeni.
Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.
Ngiyakuphosa phezu kwakho okunengekayo, ngikubukele phansi, ngikwenze ube yinhlekisa.
Niyabona-ke, ngiyakusola isizukulwane senu, ngithele umswane ebusweni benu, umswane wemikhosi yenu, niyiswe kude kanye nawo.
Kodwa nina nichezukile endleleni, nakhubekisa abaningi ngemfundiso yenu; nasephula isivumelwano sikaLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.
“Kepha, maye, kini baFarisi, ngokuba nikhipha okweshumi kweshaladi nopelepele, nazo zonke izinhlobo zemifino, kodwa nibushaya indiva ubulungiswa nokuthanda uNkulunkulu. Lokho-ke bekufanele nikwenze, kodwa ningaziyeki nezinye.
Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho.
Maningakhethi abantu ekwehluleleni, mlaleleni omncane njengomkhulu, ningesabi buso bamuntu, ngokuba ukwehlulela kungokukaNkulunkulu. Indaba elukhuni kini niyoyiletha kimi, ngiyizwe.’
“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.